Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.
Amazulu alanda ngenkazimulo kaNkulunkulu, umkhathi umemezela ngomsebenzi wezandla zakhe.
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Amazulu ashumayela inkazimulo kaNkulunkulu; nomkhathi ubonisa umsebenzi wezandla zakhe.
khona wakubona, walanda ngakho, wakuhlela, wakuphenya.
Izulu liyizulu likaJehova, kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.
Ngezwi likaJehova izulu lenziwa, namabandla onke ngomoya womlomo wakhe.
Izulu lishumayela ukulunga kwakhe, ngokuba uNkulunkulu ungumahluleli. Sela*
Lapha ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo,
Abahlakaniphileyo bayakukhanya njengokukhazimula kwesibhakabhaka, nabaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade.