Ngiyinceku yakho impela, Jehova; ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho; uthukululile izintambo zami.
AmaHubo 18:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyakuthanda, Jehova, mandla ami. IsiZulu 2020 Ngiyakuthanda, Simakade, ongamandla ami. Contemporary Zulu Bible 2024 Kumholi wokuhlabelela, iHubo likaDavide, inceku kaJehova, owakhuluma amazwi alelihubo kuJehova mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule: Wathi: Ngizakukuthanda, Jehova, mandla ami. |
Ngiyinceku yakho impela, Jehova; ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho; uthukululile izintambo zami.
Inkulumo yesiphambeko komubi, isekujuleni kwenhliziyo yami, ithi: Akukho ukumesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe.
“Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola.
niqiniswe nokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kuze kube ngukubekezela konke nokubheka kade ngokujabula;
UMose kambe wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, kuze kube ngubufakazi balokho obekuzakukhulunywa,