AmaHubo 17:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yizwa ukulunga, Jehova, ulalele ukukhala kwami, ubeke indlebe emkhulekweni wami ophuma ezindebeni ezingenankohliso. IsiZulu 2020 Ake ulalele udaba lwami, Simakade, ulalele ukukhala kwami, ubeke indlebe yakho emkhulekweni wami ophuma emlonyeni ongenankohliso. Contemporary Zulu Bible 2024 (Umkhuleko kaDavide.) Zwana, Jehova, mahluleli, uzwe ukukhala kwami, uzwe umkhuleko wami ongaphumi ezindebeni ezikhohlisayo. |
Manje amehlo ami ayakuvuleka, izindlebe zami zilalele umkhuleko owenziwa kule ndawo.
ukuba indlebe yakho ilalele, namehlo akho avuleke, ukuze uzwe umkhuleko wenceku yakho engiwukhuleka phambi kwakho ngalesi sikhathi imini nobusuku ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli izinceku zakho, lapho ngivuma izono zabantwana bakwa-Israyeli esone ngazo kuwe; yebo, nami nendlu kababa sonile.
Ungafihli ubuso bakho kimi ngosuku losizi lwami; beka indlebe yakho kimi, ngosuku engimemeza ngalo usheshe ungiphendule.
Lalela ukukhala kwami, ngokuba ngicindezelekile kakhulu; ngikhulule kubo abangizingelayo, ngokuba banamandla kunami.
Jehova, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe ekuncengeni kwami; ungiphendule ngokuthembeka kwakho nokulunga kwakho.
UJehova wangivuza ngokokulunga kwami; wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.
Banele ukungizwa nje ngendlebe, base bengilalela; abafo bazithoba phansi kwami.
Ngahlulele, Nkulunkulu ungimele endabeni yami esizweni esingenamusa, ngikhulule kumuntu wenkohliso nongenakulunga.
Yizwa izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngithandaza kuwe.
Uyawuhlenga umphefumulo wami ngokuthula, bangasondeli kimi, ngokuba baningi abamelene nami.
Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba, lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni; ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.
UJehova uyahlulela izizwe; ngahlulele, Jehova, ngokulunga kwami nangobuqotho bami obukimi.
Ngokuba umphefumulo wami ugcwele izinsizi, ukuphila kwami kusondele endaweni yabafileyo.
Yathi iNkosi: “Ngenxa yokuba laba bantu besondela, bangidumise ngemilomo yabo nangezindebe zabo, kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo, nokungesaba kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,
Kepha kukho konke lokhu udadewabo okhohlisayo, uJuda, akabuyelanga kimi ngenhliziyo yonke, kuphela ngokuzenzisa nje,” usho uJehova.
UJesu wabona uNathanayeli eza kuye, wathi ngaye: “Bheka, umIsrayeli uqobo okungekho nkohliso kuye.”