Ngokuba uyakuma ngakwesokunene sompofu ukumsindisa kulabo abalahla umphefumulo wakhe.
AmaHubo 16:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami, ngokuba ungakwesokunene sami, angiyikuzanyazanyiswa. IsiZulu 2020 Ngiyohlala njalo ngibheke kuwe Simakade, ngokuba Wena ungakwesokunene sami, angiyukuzanyazanyiswa. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyambeka uJehova phambi kwami njalo; ngoba ungakwesokunene sami, kangiyikuzanyazanyiswa. |
Ngokuba uyakuma ngakwesokunene sompofu ukumsindisa kulabo abalahla umphefumulo wakhe.
INkosi ingakwesokunene sakho; iyakuchoboza amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo.
UJehova ungumlondi wakho; uJehova ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene.
ongatsheleki muntu imali yakhe ukuba izale, nongamukeli umvuzo ngongenacala; owenza lokhu akayikuzanyazanyiswa naphakade.
Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho; esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo.
Koze kube nini nisukela umuntu ukuba nimbulale nonke njengodonga olwengemeyo nothango oludilikayo na?
Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu; idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.
Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela; nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.
Ngokukholwa washiya iGibithe engesabi ulaka lwenkosi; ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.