AmaHubo 16:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngilondoloze, Nkulunkulu, ngokuba ngiyaphephela kuwe. IsiZulu 2020 Ngilondoloze Nkulunkulu, ngoba uyisiphephelo engikhosela kuso. Contemporary Zulu Bible 2024 (UMiktamu kaDavide.) Ngilondoloze, Nkulunkulu, ngokuba ngithemba wena. |
Abamethembayo uJehova bafana nentaba yaseSiyoni engenakunyakaziswa kepha imi phakade.
Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe
Londoloza umphefumulo wami, ungikhulule; mawungangijabhisi, ngokuba ngiphephela kuwe.
Mthandeni uJehova nina nonke enimkhonzayo; uJehova uyabalondoloza abakholekileyo, amphindisele kakhulu ozidlayo.
Ngokuba uJehova uthanda ukulunga, akabashiyi abangcwele bakhe; bayalondolozwa kuze kube phakade, kepha inzalo yababi iyachithwa.
Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu, ngokuba abantu bafuna ukungigwinya; usuku lonke bayangicindezela belwa.
ngisindise kubo bonke abangizingelayo, ungikhulule, bangaze bawudwengule umphefumulo wami njengengonyama eklebhula, kungekho okhululayo.
Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena; ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo.
Nina enithanda uJehova zondani okubi; uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo; uyabasindisa ezandleni zababi.
Yebo, thina ngokwethu sasizizwele ukuthi sinqunyelwe ukufa, ukuze singazethembi thina, kodwa sethembe uNkulunkulu ovusa abafileyo,
ngaleso sizathu ngiyahlupheka nangalokhu, kepha anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa nguye, ngiyethemba ukuthi unamandla okulonda lokho engikubekile kuye, kuze kube yilolo suku.