AmaHubo 139:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba wena uzenzile izinso zami, wangaluka esiswini sikamame. IsiZulu 2020 NguWena owenza izinso zami, wangiphica ngisesesibelethweni sikamame. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uzithathile izinso zami, wangembesa esiswini sikamame. |
Izandla zakho zingenzile, zangibumba; ngiphe ingqondo, ukuze ngifunde imiyalo yakho.
Ngencike kuwe kwasesiswini; nguwe owangikhipha ezibilinini zikamame; ukudumisa kwami kuyakuba ngawe njalo.
Usho kanje uJehova owakudalayo, wakubumba kwasesiwini, oyakukusiza, uthi: Ungesabi, Jakobe, nceku yami, wena Jeshuruni engikukhethileyo.
“Ngilalele wena ndlu kaJakobe, yonke insali yendlu yakwa-Israyeli engiyithwesiweyo kwasesiswini, yabekwa phezu kwami kwasesizalweni.
“Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi; ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni.”
Uma umzimba wonke ubuyiso, ukuzwa ngabe kuphi na? Uma wonke ubungukuzwa, ukunuka ngabe kuphi na?