Uyakuba nokwethemba, ngokuba ithemba likhona; uyakuphendla, ulale ngokulondeka.
AmaHubo 127:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze ukuphumula, nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele. IsiZulu 2020 Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze ukuphumula, nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele. Contemporary Zulu Bible 2024 Kuyize ukuthi nivuke ekuseni, nilale ebusuku, nidle isinkwa sosizi; ngoba ulalisa othandiweyo wakhe. |
Uyakuba nokwethemba, ngokuba ithemba likhona; uyakuphendla, ulale ngokulondeka.
Ngizakucambalala ngokuthula, ngilale ubuthongo, ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.
Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe, sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele.
Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; bheka, konke kuyize nokufuna umoya.
Kukhona oyedwa, kanaye owesibili, yebo, akanamntwana, kanamfowabo, nokho ukuphela komshikashika wakhe akukho, namehlo akhe awasuthi ngengcebo. Uthi: “Ngishikashikela-bani, ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na?” Nalokho kuyize nenhlupheko embi.
Ubuthongo besisebenzi bumnandi, noma sidla okuyingcosana noma okuningi, kepha ukusutha kocebileyo akumvumeli ukuba alale.
“ ‘Ngiyakwenza nazo isivumelwano sokuthula, ngiqede izilwane ezimbi ezweni, zihlale zilondekile ehlane, zilale emahlathini.