UJehova ungakimi ekanye nabangisizayo; ngalokho ngiyakubabuka bephansi abangizondayo.
USimakade ungakimi ekanye nabangisizayo, ngalokho ngiyakubabuka bephansi abangizondayo.
UJehova unesabelo sami nabangisizayo; ngalokho ngiyakubona ukunxanela kwami abangizondayo.
Kwase kwehla umoya phezu kuka-Amasayi owayeyinhloko yabangamashumi amathathu, wathi: “Singabakho thina, Davide, sinawe, wena ndodana kaJese; ukuthula, ukuthula makube nawe, ukuthula makube nabakusizayo, ngokuba uNkulunkulu wakho uyakusiza.” Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.
Imisekile inhliziyo yakhe, ayesabi, aze azibuke izitha zakhe ziphansi.
Bheka, uNkulunkulu ungumsizi wami; iNkosi ikubo abaphasa umphefumulo wami.
Ngizakunikela kuwe ngesihle; ngizakulibonga igama lakho, Jehova, ngokuba lihle.
Ngokuba ungikhululile ekuhluphekeni konke; neso lami libuka izitha zami, lidele.
Uyawuhlenga umphefumulo wami ngokuthula, bangasondeli kimi, ngokuba baningi abamelene nami.
UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe; uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba.
Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe; zizulise ngamandla akho, uzilahle phansi, Nkosi, sihlangu sethu.
Iso lami liyakubona ngokujabula izitha zami, nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngababi abangivukelayo.
Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakho obamba isandla sakho sokunene, nothi kuwe: Ungesabi, mina ngiyakusiza.