AmaHubo 118:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bayangihlohloloza ukuba ngiwe, kepha uJehova uyangisiza. IsiZulu 2020 Ungihlohlolozile ukuze ngiwe, kodwa uSimakade uyangisiza. Contemporary Zulu Bible 2024 Wangishaya kabuhlungu ukuze ngiwe, kodwa uJehova wangisiza. |
Ngilondoloze ezandleni zomubi, ngilinde kumuntu oyisidlwangudlwangu, oceba ukukhuba izinyawo zami.
Ngenzele isiboniselo sokuhle, ukuze abangizondayo babone, bajabhe, ngokuba wena Jehova uyangisiza, uyangiduduza.
Ungathokozi ngami, sitha sami; ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uJehova uzakuba ngukukhanya kwami.
Ngakho-ke njengokuba abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa amchithe obe nawo amandla okufa onguSathane,
UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: ‘Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi.’ Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.”
Noma kusukuma umuntu ukukuxosha nokufuna ukuphila kwakho, umphefumulo wenkosi yami uyakube uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuJehova uNkulunkulu wakho; imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana.