Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 118:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Bayangihlohloloza ukuba ngiwe, kepha uJehova uyangisiza.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ungihlohlolozile ukuze ngiwe, kodwa uSimakade uyangisiza.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Wangishaya kabuhlungu ukuze ngiwe, kodwa uJehova wangisiza.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 118:13
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bangihluphile kakhulu, nokho abangahlulanga.


Ngilondoloze ezandleni zomubi, ngilinde kumuntu oyisidlwangudlwangu, oceba ukukhuba izinyawo zami.


Ngenzele isiboniselo sokuhle, ukuze abangizondayo babone, bajabhe, ngokuba wena Jehova uyangisiza, uyangiduduza.


Ungathokozi ngami, sitha sami; ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uJehova uzakuba ngukukhanya kwami.


Ngakho-ke njengokuba abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa amchithe obe nawo amandla okufa onguSathane,


UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: ‘Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi.’ Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.”


Noma kusukuma umuntu ukukuxosha nokufuna ukuphila kwakho, umphefumulo wenkosi yami uyakube uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuJehova uNkulunkulu wakho; imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana.