AmaHubo 11:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba bhekani, ababi bawunsala umnsalo wabo, babeka imicibisholo yabo entanjeni ukuba bacibishele ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo. IsiZulu 2020 Bheka, izikhohlakali zinsala iminsalo, sezifake imicibisholo yazo emnsalweni, ukuze zicibe ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba bheka, ababi bansala umnsalo wabo, balungisa imicibisholo yabo entanjeni, ukuze bacibishele ngasese abaqotho ngenhliziyo. |
Lapho umoya wami udangala phakathi kwami, wena uyawazi umkhondo wami; endleleni engihamba ngayo bangifihlele ugibe.
Jabulani kuJehova, nethabe nina balungileyo, nethabe nina nonke baqotho ngenhliziyo.
Ababi bahosha inkemba, bansale umnsalo wabo ukuba bamwise phansi ohluphekileyo nompofu, babulale abandlela ilungile.
Olungileyo uyakujabula kuJehova, aphephele kuye; bonke abaqotho ngenhliziyo bayakuzibonga.
Uma umuntu engaphenduki, uyakulola inkemba yakhe, ansale umnsalo wakhe, awulungisele,
Ngokuba ukulunga kuyakubuyela ekwahluleleni, bonke abaqotho ngenhliziyo bakulandele.
Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo, ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.
“Bagobela umnsalo wolimi lwabo amanga, abaqinelanga iqiniso ezweni; kepha basuka kokubi, baya kokubi; mina-ke abangazi,” usho uJehova.
Wayesethi uSawule: “Ngiyakumnika yena ukuba abe lugibe kuye, isandla samaFilisti sibe phezu kwakhe.” Ngalokho uSawule wathi kuDavide: “Uyakuba ngumkhwenyana wami ngokwesibili namuhla.”
UDavide wazi ukuthi uSawule uceba okubi ngaye; wathi ku-Abiyathara umpristi: “Letha ingubo yamahlombe.”