Inkosi uDavide yalangazelela ukuya ku-Abisalomu, ngokuba yayisiduduzekile ngo-Amnoni ibona ukuthi sewafa.
AmaHubo 109:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngenxa yothando lwami bayangizonda, mina ngisemkhulekweni njalo. IsiZulu 2020 Ngenxa yothando lwami bayangizonda, mina ngisemkhulekweni njalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngenxa yothando lwami bayizitha zami, kepha mina ngiyazinikela emkhulekweni. |
Inkosi uDavide yalangazelela ukuya ku-Abisalomu, ngokuba yayisiduduzekile ngo-Amnoni ibona ukuthi sewafa.
UHanuni wayesebamba izinceku zikaDavide, waziphucula, wahina izingubo zazo phakathi, kwaze kwaba sezinqeni zazo, wazimukisa.
Ngokuba bangenzele ngasesitha igebe lenetha labo, kungekho sici, bembele umphefumulo wami umgodi, kungekho cala.
UDaniyeli esekwazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe amafasitele ekamelo lakhe ayevulekile ebhekisa eJerusalema waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho enzile kuqala.
Kepha uJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana izingubo zakhe, benzelana inkatho.
UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshengise imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yimuphi umsebenzi kulena eningikhandela wona na?”
Kepha ngokujabula okukhulu ngiyakunikela konke, yebo, ngizinikele mina ngenxa yemiphefumulo yenu. Uma nginithanda kakhulu, kanti kuyilapho ngithandwa kancane na?