maliwele ekhanda likaJowabe nakuyo yonke indlu kayise. Makungaphuthi endlini kaJowabe ukuba kube khona ocucuzayo, nonochoko, nozimelelayo ngodondolo, nowayo ngenkemba, noswele isinkwa.”
AmaHubo 109:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakhe mababe yizintandane, baphanze, bacele bekude nezindawo zabo ezichithekileyo. IsiZulu 2020 Abantwana bakhe mababe yizintandane, baphanze, bacele bekude nezindawo zabo eseziyincithakalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakhe mabazulazule, bancenge njalo; mabafune ukudla kwabo ezindaweni zabo eziyincithakalo. |
maliwele ekhanda likaJowabe nakuyo yonke indlu kayise. Makungaphuthi endlini kaJowabe ukuba kube khona ocucuzayo, nonochoko, nozimelelayo ngodondolo, nowayo ngenkemba, noswele isinkwa.”
Uchoko lukaNahamani luyakunamathela kuwe nasenzalweni yakho kuze kube phakade.” Wayesephuma yena ebusweni bakhe enochoko, emhlophe njengeqhwa.
Uma abantwana bakhe banda, bandela inkemba; inzalo yakhe ayiyikusutha ngokudla.
Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla.
Kuyakuthi njengezinyoni ezizulazulayo, njengamaphuphu ahlakazekileyo, abe njalo amadodakazi akwaMowabi emazibukweni ase-Arinoni.