Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.
AmaHubo 102:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE nxa izizwe zibuthana ndawonye kanye nemibuso ukumkhonza uJehova. IsiZulu 2020 lapho izizwe zibuthana ndawonye nemibuso, ukuzodumisa uSimakade. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho izizwe nemibuso ibuthana ukukhonza uJehova. |
Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.
Imikhawulo yonke yomhlaba iyakukhumbula, iphendukele kuJehova, nezizukulwane zonke zezizwe ziyakukhuleka ebusweni bakho.
Izwi labalindi bakho, bayaliphakamisa izwi, bajabule kanyekanye, ngokuba bayakubona iso neso, lapho uJehova ebuyela eSiyoni.
Qhumukani ngokuhlabelela, nihlabelele kanyekanye, nina zindawo ezichithekileyo zaseJerusalema, ngokuba uJehova ubaduduzile abantu bakhe, ulihlengile iJerusalema.
Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.
ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya oNgcwele, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza ngaze ngafika e-Iliriku, ngishumayela ivangeli likaKristu ngokupheleleyo.