AmaHubo 102:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE ukuze kumenyezelwe eSiyoni igama likaJehova nodumo lwakhe eJerusalema, IsiZulu 2020 ukuze igama likaSimakade lishunyayelwe eZiyoni, nodumo lwakhe, eJerusalema, Contemporary Zulu Bible 2024 ukumemezela igama likaJehova eSiyoni nodumo lwakhe eJerusalema; |
Ukububula kwesiboshwa makuze phambi kwakho; londoloza ngobukhulu bengalo yakho asebengabantwana bokufa.
Khona thina bantu bakho, izimvu zedlelo lakho, siyakukubonga kuze kube phakade, sishumayele udumo lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.
“Hamba ubuthe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe, ubonakele kimi, wathi: Nginihambele nokunihambela, ngibonile okwenziwa kini eGibithe.
Ngishilo ngathi: Ngiyakunikhuphula ekuhluphekeni kwaseGibithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi nezinyosi.’
Abahlawulelweyo bakaJehova bayakubuya, bafike eSiyoni bejabula; intokozo engapheliyo iyakuba semakhanda abo, bathole injabulo nentokozo, usizi nokububula kubaleke.
makube kuye udumo ebandleni nakuKristu Jesu ezizukulwaneni zonke zaphakade naphakade. Amen.
kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;