mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, uthethelele, wenze, unike yilowo nalowo njengezindlela zakhe, wena owaziyo inhliziyo yakhe ngokuba wena kuphela uyazi izinhliziyo zabo bonke abantwana babantu
AmaHubo 102:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba ubheke phansi esekuphakameni kwakhe okungcwele, wabuka umhlaba esezulwini IsiZulu 2020 USimakade wabuka phansi, esekuphakameni ezulwini, endaweni yakhe engcwele, wabuka emhlabeni Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba wabheka phansi esendaweni yakhe engcwele; uJehova wawubona umhlaba esezulwini; |
mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, uthethelele, wenze, unike yilowo nalowo njengezindlela zakhe, wena owaziyo inhliziyo yakhe ngokuba wena kuphela uyazi izinhliziyo zabo bonke abantwana babantu
mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, wenze njengakho konke lo wezizwe akhala ngakho kuwe, ukuze bonke abantu bomhlaba bazi igama lakho, bakwesabe wena njengabantu bakho u-Israyeli nokuze bazi ukuthi le ndlu engiyakhileyo ibiziwe ngegama lakho.
Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye; wenze ngobuwula kule nto, ngokuba kusukela manje uyakuba nokulwa njalo.”
“UNkulunkulu akakho ekuphakameni kwezulu na? Bheka inhloko yezinkanyezi ukuthi iphakeme kangaka.
UJehova uyabuka esezulwini abantwana babantu ukucinga ukuba ukhona yini oqondayo, ofuna uNkulunkulu.
Bheka phansi usezindlini zakho ezingcwele ezulwini, ubusise abantu bakho u-Israyeli nomhlaba osinike wona njengokufunga kwakho kobaba, izwe elivame ubisi nezinyosi.’