Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 102:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Khona abezizwe bayakulesaba igama likaJehova, amakhosi onke omhlaba inkazimulo yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Yikhona abezizwe bezolesaba igama likaSimakade, namakhosi wonke omhlaba, inkazimulo yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngalokho izizwe ziyakulesaba igama likaJehova, nawo onke amakhosi omhlaba inkazimulo yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 102:15
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, wenze njengakho konke lo wezizwe akhala ngakho kuwe, ukuze bonke abantu bomhlaba bazi igama lakho, bakwesabe wena njengabantu bakho u-Israyeli nokuze bazi ukuthi le ndlu engiyakhileyo ibiziwe ngegama lakho.


Kwathi lapho ngizwa lawo mazwi, ngahlala phansi, ngakhala izinyembezi, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu,


Kepha ngase ngithi kubo: “Niyayibona inhlupheko esikuyona, lokhu iJerusalema lichithekile namasango alo eshiswe ngomlilo; wozani sivuse ugange lwaseJerusalema ukuba singabe sisaba yihlazo.”


Ngathi enkosini: “Mayime njalo inkosi; ubuso bami bungebiphe ngani, lapho umuzi, indawo yamathuna awobaba, uchithekile namasango awo eshiswe ngomlilo, na?”


Onke amakhosi omhlaba ayakukubonga, Jehova, lapho ezwile amazwi omlomo wakho.


Onke amakhosi ayakuziwisa phambi kwayo; zonke izizwe ziyakuyikhonza.


Izizwe ozenzileyo ziyakufika zonke, zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho.


Bheka, uyakubiza izizwe ongazaziyo, nezizwe ebezingakwazi ziyakugijimela kuwe ngenxa kaJehova uNkulunkulu wakho nangenxa yoNgcwele ka-Israyeli, ngokuba ukudumisile.”


Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwawo, namakhosi omhlaba aletha kuwo ubukhosi bawo;