AmaHubo 100:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngenani emasangweni akhe ngokubonga, nasemagcekeni akhe ngokudumisa; mbongeni, nibusise igama lakhe. IsiZulu 2020 Ngenani emasangweni akhe ngokubonga, nasemagcekeni akhe ngokudumisa, mbongeni, nidumise igama lakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngenani emasangweni akhe ngokubonga nasemagcekeni akhe ngokudumisa; mbongeni futhi nidumise iGama laKhe. |
UDavide wathi kulo lonke ibandla: “Ake nibonge uJehova uNkulunkulu wenu.” Lonke ibandla lambonga uJehova uNkulunkulu wawoyise, lakhothama, lakhuleka kuJehova nasenkosini.
lapho imindeni ikhuphukela khona, imindeni kaJehova, ngokomthetho ka-Israyeli ukuba idumise igama likaJehova.
Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa; ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami
Hlabelelani kuJehova, nibonge igama lakhe, nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.
Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, ningene emagcekeni akhe.
Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya baye eSiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.
Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.