Ngosuku lwesishiyagalombili wabamukisa abantu, bayibusisa inkosi, baya ematendeni abo bejabula, bethokoza ngenhliziyo ngakho konke okuhle uJehova akwenzile kuDavide inceku yakhe naku-Israyeli abantu bakhe.
AmaHubo 100:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mkhonzeni uJehova ngokujabula, nisondele ebusweni bakhe ngokuhuba kwentokozo. IsiZulu 2020 Mkhonzeni uSimakade ngokwethaba, nisondele phambi kwakhe, nihuba ngentokozo. Contemporary Zulu Bible 2024 Mkhonzeni uJehova ngokuthokoza; yizani phambi kobuso bakhe ngokuthokoza. |
Ngosuku lwesishiyagalombili wabamukisa abantu, bayibusisa inkosi, baya ematendeni abo bejabula, bethokoza ngenhliziyo ngakho konke okuhle uJehova akwenzile kuDavide inceku yakhe naku-Israyeli abantu bakhe.
UHezekiya inkosi nezikhulu bawayala amaLevi ukumdumisa uJehova ngamazwi kaDavide nangaka-Asafa umboni. Badumisa ngokuthokoza, bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka.
UHezekiya wamisa izigaba zabapristi nezamaLevi ngezigaba zabo, kwaba yilowo nalowo njengenkonzo yakhe, abapristi namaLevi beminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba bakhonze, babonge, badumise emasangweni ekamu* likaJehova,
Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokho ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.
Izindebe zami zizakujabula, ngokuba ngizakukudumisa wena, nomphefumulo wami owuhlengileyo.
niyakwenama phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nina namadodana enu, namadodakazi enu, nezinceku zenu, nezincekukazi zenu, nomLevi ophakathi kwamasango enu, lokhu engenasabelo nafa kini.
wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwakho endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.
wename ngomkhosi wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwamasango akho.
Lokhu ungamkhonzanga uJehova uNkulunkulu wakho ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo ngenxa yobuningi bezinto,