AmaHubo 10:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jehova, umeleni kude na? Uzifihlelani ubuso ezikhathini zokuhlupheka na? IsiZulu 2020 Simakade, kungani umele kude na? Uzifihlelani ngezikhathi zokuhlupheka na? Contemporary Zulu Bible 2024 Jehova, umeleni kude na? nicashelani ngezikhathi zokuhlupheka na? |
nangasenyakatho ekusebenzeni kwakhe, kepha akabonwa; ujikela ngaseningizimu, kepha akabonakali.
Lapho yena ethula, ngubani ongalahla, nalapho ethukusa ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa ngokufananayo, noma kuyisizwe noma kungumuntu,
Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Ukude namazwi okubububula kwami nokusindiswa kwami.
Ungafihli ubuso bakho kimi, ungaxoshi inceku yakho ngokuthukuthela; wena ulusizo lwami, ungangilahli, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami.
Jehova, ngomusa wakho ubuwenzile ukuba iqine intaba yami; wabufihla ubuso bakho, ngase ngithuthumela.
Ngokuba umphefumulo wethu ukhothamele othulini; umzimba wethu unamathele emhlabathini.
UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.
Themba lika-Israyeli, msindisi wakhe ngesikhathi sokuhlupheka, yini ukuba ube njengomfokazi ezweni nanjengesihambi esingenisayo ukuba silale ubusuku nje na?
Yini ukuba ube ngumuntu odidekileyo, njengeqhawe elingenakusindisa, na? Nokho uphakathi kwethu, Jehova, sibiziwe ngegama lakho; ungasishiyi.