Ngakho asidangali, kodwa noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla.
AbAhluleli 8:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UGideyoni wafika eJordani, wawela, yena namadoda angamakhulu amathathu ayenaye, eyethile, esaxosha nokho. IsiZulu 2020 UGideyoni wafika eJordani waliwela namadoda angama-300 ayehamba nawo, bekhathele futhi befile yindlala. Contemporary Zulu Bible 2024 UGideyoni wafika eJordani, wawela, yena namadoda angamakhulu amathathu ayenaye bekhathele, kepha babaxosha. |
Ngakho asidangali, kodwa noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla.
Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.
Abamba izikhulu ezimbili zakwaMidiyani, o-Orebi noZebi, ambulala u-Orebi ngasedwaleni lika-Orebi, noZebi bambulala ngasesikhamweni sewayini sikaZebi, abaxosha abakwaMidiyani; aletha ikhanda lika-Orebi nelikaZebi kuGideyoni phesheya kweJordani.
UNkulunkulu unikele esandleni senu izikhulu zakwaMidiyani, o-Orebi noZebi; mina benginamandla okwenzani, uma kulinganiswa nokwenu, na?” Kwase kubohla ukuthukuthela kwabo ngaye, eseshilo lokho.
Kodwa UDavide waxosha, yena nabantu abangamakhulu amane, ngokuba abangamakhulu amabili basala emuva, bezukekile ukuze bangaweli umfudlana iBesori.
UDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngixoshe lelo viyo na? Ngingalifica na?” Wamphendula wathi: “Xosha, ngokuba uyakulifica impela, ukhulule konke.”