Base behamba uHilikiya umpristi, no-Ahikamu, no-Akibori, noShafani, no-Asaya, baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikiva kaHarihasi, umgcinizingubo – wahlala eJerusalema enxenyeni yesibili – bakhuluma kuye.
AbAhluleli 4:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDebora umprofethikazi, umkaLapidoti, wahlulela u-Israyeli ngaleso sikhathi. IsiZulu 2020 Ngaleso sikhathi uDebhora umphrofethikazi, umkaLaphidothi, wayengumehluleli kwa-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 UDebora, umprofethikazi, umkaLapidoti, wayehola u-Israyeli ngaleso sikhathi. |
Base behamba uHilikiya umpristi, no-Ahikamu, no-Akibori, noShafani, no-Asaya, baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikiva kaHarihasi, umgcinizingubo – wahlala eJerusalema enxenyeni yesibili – bakhuluma kuye.
Ngakhuleka ngathi: “Khumbula, Nkulunkulu wami, oThobiya noSanibalati ngalezo zenzo zabo, nomprofethikazi uNohadiya, nabanye abaprofethi, ababengesabisa.”
UMiriyamu umprofethikazi, udadewabo ka-Aroni, waphatha isigubhu ngesandla sakhe; bonke abesifazane baphuma emva kwakhe bephethe izigubhu, besina.
“Wena ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuwo amadodakazi abantu bakho aprofetha okwenhliziyo yawo, uprofethe ngawo,
Nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihlenga endlini yezigqila, ngathuma phambi kwenu oMose, no-Aroni, noMiriyamu.
Kwakukhona nomprofethikazi, u-Ana, indodakazi kaFanuweli, owesizwe sika-Aseri; wayesekhulile kakhulu, ebehlalile nendoda iminyaka eyisikhombisa emva kobuntombi bakhe,
Kepha yilowo nalowo owesifazane osuke ekhuleka nokuba eprofetha, ikhanda lakhe lingagutshuzelwe, uhlazisa ikhanda lakhe, ngokuba lokho kukunye nokuthi uphucile.
Akakho umJuda nomGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.
Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, ngokuba wayenezinqola ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zensimbi; wacindezela kakhulu abantwana bakwa-Israyeli iminyaka engamashumi amabili.
Wayehlala phansi kwesundu likaDebora phakathi kweRama neBethele ezintabeni zakwa-Efrayimi; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphukela kuye ukuba bahlulelwe.