Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 4:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UJehova wathengisa ngabo esandleni sikaJabini inkosi yaseKhanani, owabusa eHasori, onduna yempi yakhe yayinguSisera owahlala eHarosheti labezizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngakho-ke uSimakade wabanikela esandleni sikaJabhini, inkosi yaseKhanani, owayebusa eHazori, umkhuzi wempi yakhe kwakunguSisera owayehlala eHaroshethi labezizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UJehova wabathengisa esandleni sikaJabini inkosi yaseKhanani, owayebusa eHasori; induna yakhe kwakunguSisera, owayehlala eHaroshethi labezizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 4:2
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yenza kubo njengakuMidiyani, nakuSisera, nakuJabini ngasemfuleni iKishoni,


Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso engimlahlile ngayo, noma ngumuphi enginesikwenetu kuye engithengisile ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangeziphambeko zenu, unyoko walahlwa.


Kepha ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngayo, nangomkayo, nangabantabayo, nangakho konke enakho, kukhokhwe.


Kwathi lapho uJabini inkosi yaseHasori ekuzwa lokho, wathumela kuJobabi inkosi yaseMadoni, nakuyo inkosi yaseShimroni, nakuyo inkosi yase-Akishafu,


ne-Adama, neRama, neHasori,


Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni samaFilisti nasesandleni sabantwana bakwa-Amoni.


USisera wayesebutha zonke izinqola zakhe, izinqola ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zensimbi, nabantu bonke ababenaye, kusukela eHarosheti labezizwe kuze kube semfudlaneni iKishoni.


Kepha uBaraki waxosha izinqola nempi kwaze kwaba seHarosheti labezizwe; yonke impi kaSisera yawa ngosiko lwenkemba, akwasala muntu.


“Kepha bakhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, wathengisa ngabo esandleni sikaSisera induna yempi yaseHasori, nasesandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi, balwa nabo.