Jehova, amehlo akho awaseqinisweni na? Ubashayile, kepha abadabukanga; ubaqedile, kepha balile ukwamukela ukulaywa; benza lukhuni ubuso babo kunetshe, bala ukuphenduka.
AbAhluleli 4:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, esefile u-Ehudi. IsiZulu 2020 Abantu bakwa-Israyeli baphinde benza okubi emehlweni kaSimakade, emva kokufa kuka-Ehudi. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova ekufeni kuka-Ehudi. |
Jehova, amehlo akho awaseqinisweni na? Ubashayile, kepha abadabukanga; ubaqedile, kepha balile ukwamukela ukulaywa; benza lukhuni ubuso babo kunetshe, bala ukuphenduka.
Ngisezakuthini futhi na? Isikhathi kambe sizakungishiya, uma ngibalisa ngoGideyoni, noBaraki, noSamsoni, noJefta, noDavide, noSamuweli nabaprofethi,
abathi ngokukholwa banqoba imibuso, basebenza ukulunga, bazuza izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama,
Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, babakhonza oBali, no-Ashitaroti, nawonkulunkulu base-Aramu, nawonkulunkulu baseSidoni, nawonkulunkulu bakwaMowabi, nawonkulunkulu babantwana bakwa-Amoni, nawonkulunkulu bamaFilisti, bamshiya uJehova, kabamkhonza.
Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wamnika u-Egiloni inkosi yakwaMowabi amandla phezu kuka-Israyeli, lokhu benze okubi emehlweni kaJehova.
Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali no-Ashitaroti.
Kepha abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni sakwaMidiyani iminyaka eyisikhombisa.