Kwathi emva kokufa kukaJoshuwa abantwana bakwa-Israyeli bambuza uJehova, bathi: “Ngubani phakathi kwethu oyakusikhuphukelela kuwo amaKhanani kuqala ukulwa nawo na?”
AbAhluleli 2:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaJehova, wafa eneminyaka eyikhulu neshumi. IsiZulu 2020 UJoshuwa, indodana kaNuni, inceku kaSimakade, wafa eseneminyaka eyi-110. Contemporary Zulu Bible 2024 UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaJehova, wafa eneminyaka eyikhulu neshumi. |
Kwathi emva kokufa kukaJoshuwa abantwana bakwa-Israyeli bambuza uJehova, bathi: “Ngubani phakathi kwethu oyakusikhuphukelela kuwo amaKhanani kuqala ukulwa nawo na?”
Abantu bamkhonza uJehova izinsuku zonke zikaJoshuwa nezinsuku zonke zamalunga asalayo emva kukaJoshuwa, ayebonile wonke umsebenzi omkhulu ayewenzele u-Israyeli.
Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnati Heresi ezintabeni zakwa-Efrayimi ngasenyakatho kwentaba yakwaGahashi.