Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 2:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Baqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBokimi, bahlabela uJehova khona.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Bayibiza leyo ndawo ngokuthi yiBhokhimi, benza umhlatshelo kuSimakade kuleyo ndawo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Baqamba leyo ndawo ngokuthi iBogimi, bahlabela uJehova khona.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 2:5
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDebora umzanyana kaRebeka wafa, wembelwa ngenzansi neBethele phansi kwe-oki;* igama lalo labizwa ngokuthi i-Alonibakuti.*


Bamisa phezu kwakhe inqwaba yamatshe; isekhona nanamuhla; uJehova waphenduka entukuthelweni yake enkulu. Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi isigodi sase-Akori kuze kube namuhla.


UManowa walithatha izinyane lembuzi kanye nomnikelo wempuphu, wanikela ngakho kuJehova edwaleni. Yase yenza okumangalisayo, uManowa nomkakhe bebukela.


Ingelosi kaJehova yakhuphuka eGiligali, yaya eBokimi. Yathi: “Nganikhuphula eGibithe, nginilethile ezweni engalifungela oyihlo; ngathi: ‘Angisoze ngaphula kuze kube phakade isivumelwano sami nani,


Kwathi ingelosi kaJehova isikhulumile lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu badazuluka, bakhala.


UJoshuwa esemukisile abantu, abantwana bakwa-Israyeli bahamba, yilowo nalowo waya efeni lakhe ukuba balidle izwe.


UGideyoni wamakhela uJehova i-altare khona, waliqamba igama lokuthi iJehova Shalomi; kuze kube namuhla lisekhona e-Ofira lama-Abiyezeri.


USamuweli wathatha iwundlu elincelayo, wanikela ngalo libe ngumnikelo oshiswa wonke kuJehova; uSamuweli wamkhalela u-Israyeli kuJehova; uJehova wamphendula.