AbAhluleli 10:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Emva kuka-Abimeleki kwavela uThola indodana kaPhuwa kaDodo, umuntu wakwa-Isakare, ukuba asindise u-Israyeli; wayehlala eShamiri ezintabeni zakwa-Efrayimi. IsiZulu 2020 Emva kuka-Abhimelekhi kwavela uThola, indodana kaPhuwa kaDodo, umuntu wakwa-Isakhare ukuba akhulule u-Israyeli, owayehlala eShamiri kwelezintaba kwa-Efrayimi. Contemporary Zulu Bible 2024 Emva kuka-Abimeleki kwasukuma uThola indodana kaPhuwa kaDodo, umuntu wakwa-Isakare, ukuba avikele u-Israyeli; wahlala eSamiri ezintabeni zakwa-Efrayimi. |
Wamahlulela u-Israyeli iminyaka engamashumi amabili nantathu, wafa, wembelwa eShamiri.
Kwathi esefikile, wabetha icilongo ezintabeni zakwa-Efrayimi, abantwana bakwa-Israyeli behla naye ezintabeni, yena ephambi kwabo.
Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova; uJehova wabavusela abantwana bakwa-Israyeli umsindisi owabasindisa, u-Otheniyeli indodana kaKenazi, umnawe kaKalebi.
UNkulunkulu wabuyisela bonke ububi babantu baseShekemi emakhanda abo, behlelwa yisiqalekiso sikaJothamu indodana kaJerubali.*