Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




2 Samuweli 5:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UDavide wayeneminyaka engamashumi amathathu ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amane.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

UDavide waqala ukubusa eseneminyaka engama-39; wabusa iminyaka engama-40.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UDavide wayeneminyaka engamashumi amathathu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amane.

Uka jalj uñjjattʼäta



2 Samuweli 5:4
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJosefa wayeneminyaka engamashumi amathathu mhla emi phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe. UJosefa waphuma ebusweni bukaFaro, wahamba izwe lonke laseGibithe.


Izinsuku uDavide abusa ngazo phezu kuka-Israyeli zaziyiminyaka engamashumi amane; iminyaka eyisikhombisa wabusa eHebroni, iminyaka engamashumi amathathu nantathu wabusa eJerusalema.


KumaHebroni uJeriya wayeyinhloko, kumaHebroni njengezizukulwane zawo ngezindlu zawoyise. Ngomnyaka wamashumi amane wokubusa kukaDavide kwafunwa, kwafunyanwa phakathi kwawo amaqhawe anamandla eJazeri kwaGileyadi.


Isikhathi abusa ngaso phezu kuka-Israyeli sasiyiminyaka engamashumi amane; iminyaka eyisikhombisa wabusa eHebroni, nengamashumi amathathu nantathu wabusa eJerusalema.


Wazalelwa ayisithupha eHebroni; wabusa khona iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu.


kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kufike kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.


Yena uJesu, ukuqala kwakhe, wayeneminyaka engaba ngamashumi amathathu, eyindodana, njengokushiwoyo, kaJosefa ka-Eli