ULabani wathi kuye: “Impela uyithambo lami nenyama yami.” Wahlala kuye inyanga yonke.
2 Samuweli 5:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izizwe zonke zakwa-Israyeli zafika kuDavide eHebroni, zasho zathi: “Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho. IsiZulu 2020 Zonke izizwe zakwa-Israyeli zeza kuDavide eHebhroni, zathi kuye: “Uyabona, thina siyithambo lakho nenyama yakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Zonke izizwe zakwa-Israyeli zafika kuDavide eHebroni, zakhuluma zathi: “Bheka, siyithambo lakho nenyama yakho. |
ULabani wathi kuye: “Impela uyithambo lami nenyama yami.” Wahlala kuye inyanga yonke.
Ningabafowethu, niyithambo lami nenyama yami; ngalokho kungani ukuba nibe ngabokugcina ukuyibuyisa inkosi na?’
Yishoni ku-Amasa ukuthi: ‘Angithi uyithambo lami nenyama yami na? Makenze njalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ungayikuba yinduna yempi ngaphambi kwami njalo esikhundleni sikaJowabe.’ ”
Wathobisa izinhliziyo zabantu bonke bakwaJuda njengomuntu munye, baze bathuma enkosini, bathi: “Buya wena nazo zonke izinceku zakho.”
Abantu bakwa-Israyeli baphendula abantu bakwaJuda, bathi: “Sinezinxenye eziyishumi kunani enkosini, yebo, nakuDavide; nisideleleni na? Izwi lethu lokubuyisa inkosi lalingesilo elokuqala na?” Kepha amazwi abantu bakwaJuda ayelukhuni kunamazwi abantu bakwa-Israyeli.
Bamthatha u-Asaheli, bammbela ethuneni likayise elaliseBetlehema. UJowabe nabantu bakhe bahamba ubusuku bonke, kwasa beseHebroni.
uyakumbeka nokumbeka abe yinkosi phezu kwakho yena uJehova uNkulunkulu wakho ayakumkhetha; uyakubeka omunye wabafowenu inkosi phezu kwakho, ungabeki phezu kwakho owezizwe, ongesiye umfowenu.
Ngakho-ke njengokuba abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa amchithe obe nawo amandla okufa onguSathane,
UJoshuwa wakhuphuka e-Egiloni, bonke abakwa-Israyeli benaye, waya eHebroni, balwa nalo.
“Ake nikhulume ezindlebeni zabo bonke abantu baseShekemi, nithi: ‘Yikuphi okuhle kini ukuba onke amadodana kaJerubali* angabantu abangamashumi ayisikhombisa anibuse nokuba nibuswe ngumuntu munye na?’ Khumbulani ukuthi mina ngiyithambo lenu nenyama yenu.”