ingelosi engisindise ebubini bonke mayibusise abafana; mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; mabande, babe baningi phakathi kwezwe.”
2 Samuweli 4:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide waphendula oRekabi noBahana umfowabo amadodana kaRimoni waseBeyeroti, wathi kubo: “Kuphila kukaJehova ohlengile umphefumulo wami osizini lonke, IsiZulu 2020 UDavide wabaphendula oRekhabhi noBhahana, umfowabo, amadodana kaRimoni waseBherothi, wathi kubo: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade owuhlengile umphefumulo wami kulo lonke usizi. Contemporary Zulu Bible 2024 UDavide wabaphendula uRekabi noBahana umfowabo, amadodana kaRimoni waseBeyeroti, wathi kubo: “Kuphila kukaJehova owuhlengile umphefumulo wami osizini lonke! |
ingelosi engisindise ebubini bonke mayibusise abafana; mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; mabande, babe baningi phakathi kwezwe.”
Indodana kaSawule yayinamadoda amabili ayeyizinduna zamaviyo; igama lenye lalinguBahana negama lenye lalinguRekabi, amadodana kaRimoni waseBeyeroti wabantwana bakwaBenjamini, ngokuba iBeyeroti libalelwa kuBenjamini.
Inkosi yayisifunga ngokuthi: “Kuphila kukaJehova ohlengile umphefumulo wami ekuhluphekeni kwami konke,
UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe; akakho kwabamethembayo oyakuba necala.
Izindebe zami zizakujabula, ngokuba ngizakukudumisa wena, nomphefumulo wami owuhlengileyo.
Futhi bheka, njengalokho ukuphila kwakho kwakukukhulu ngalolo suku emehlweni ami, ukuphila kwami makube kukhulu emehlweni kaJehova, yena angophule ekuhluphekeni konke.”