Kwathi emva kwalokho u-Abisalomu indodana kaDavide wayenodadewabo obukekayo ogama lakhe linguTamari; u-Amnoni indodana kaDavide wamthanda.
2 Samuweli 3:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE eyesibili yaba nguKileyabi ku-Abigayili umkaNabali waseKarmeli; eyesithathu yayingu-Abisalomu indodana kaMahakha indodakazi kaTalimyi inkosi yaseGeshuri; IsiZulu 2020 Eyesebili kwaba nguKhileyabhi ku-Abhigayili, umkaNabali waseKharimeli. Eyesithathu kwaba ngu-Absalomu, indodana kaMahakha, indodakazi kaThalimayi, inkosi yaseGeshuri. Contemporary Zulu Bible 2024 eyesibili yayinguKileyabi ka-Abigayili umkaNabali waseKarmeli; eyesithathu yayingu-Abisalomu indodana kaMagaga indodakazi kaTalimayi inkosi yaseGeshuri; |
Kwathi emva kwalokho u-Abisalomu indodana kaDavide wayenodadewabo obukekayo ogama lakhe linguTamari; u-Amnoni indodana kaDavide wamthanda.
Inkosi yathi: “Makaye endlini yakhe, angaboni nokho ubuso bami.” Wayeseya u-Abisalomu endlini yakhe, akabubona ubuso benkosi.
U-Abisalomu wathi kuJowabe: “Bheka, ngithumele kuwe, ngithi: ‘Woza lapha ukuba ngikuthume enkosini ukuyothi: “Ngisukeleni eGeshuri na? Ngabe kungcono kimi ukuba bengisekhona lapho.” ’ Ngalokho mangibone ubuso benkosi; uma kukhona icala kimi, mayingibulale.”
Kwathi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amane u-Abisalomu wathi enkosini: “Mangihambe ukugcwalisa isithembiso sami engasethembisa kuJehova eHebroni.
Ngokuba inceku yakho yenza isithembiso ngisahlezi eGeshuri lase-Aramu sokuthi: ‘Uma uJehova engibuyisela impela eJerusalema, ngiyakumkhonza uJehova.’ ”
Yayisidabuka kakhulu inkosi, yakhuphukela ekamelweni elingaphezu kwesango, yakhala; isahamba yathi: “Hhawu, ndodana yami Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami Abisalomu! Sengathi nga ngifile esikhundleni sakho, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!”
Wayesenyukela khona uDavide nabafazi bakhe ababili, o-Ahinohama waseJizreyeli no-Abigayili umkaNabali waseKarmeli.
Uyise wayengamdabukisanga nakanye ngokuthi: “Wenzeleni lokhu na?” Futhi wayebukeka emuhle kakhulu, wayelama u-Abisalomu.
Wathi-ke: “Uyazi wena ukuthi umbuso wawungowami nokuthi wonke u-Israyeli wabhekisa kimi ubuso bakhe ukuba ngibuse; kepha umbuso usuguquliwe, sewaba ngowomfowethu, ngokuba wawuthola kuJehova.
Laba babe ngamadodana kaDavide azalelwa wona eHebroni: izibulo ngu-Amnoni ku-Ahinohama umHizreyelikazi; owesibili nguDaniyeli ku-Abigayili umKarmelikazi;
owesithathu ngu-Abisalomu indodana kaMahakha indodakazi kaTalimayi inkosi yaseGeshuri; owesine ngu-Adoniya indodana kaHagiti;
UJayire indodana kaManase wathatha sonke isifunda sase-Arigobi kuze kube semkhawulweni wamaGeshuri nowamaMahakhathi, wasibiza – lona iBashani – ngegama lakhe ngokuthi iHawoti Jayire kuze kube namuhla.
Kepha abantwana bakwa-Israyeli abawaxoshanga amaGeshuri namaMahakhati, kodwa oGeshuri noMahakha bahlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla.
Igama lalowo muntu lalinguNabali; igama lomkakhe lalingu-Abigayili; owesifazane wayehlakaniphile, ebukeka emuhle, kepha indoda yayilukhuni inobubi emisebenzini yayo; yayingekaKalebi.
U-Abigayili washesha wasuka, wakhwela imbongolo kanye nezintombi zakhe ezazihamba naye; wazilandela izithunywa zikaDavide, waba ngumkakhe.
UDavide nabantu bakhe benyuka, bangenela amaGeshuri, namaGirizi, nama-Amaleki, ngokuba lawo ayakhe kulelo zwe kwasendulo ekuyiweni eShuri kuze kube sezweni laseGibithe.