Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.”
2 Samuweli 3:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwakukhona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide; uDavide waqhubeka ngokuqina njalo, kepha indlu kaSawule yaqhubeka ngokuncipha njalo. IsiZulu 2020 Kwaba khona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaDavide nendlu kaSawule. UDavide wadlondlobala ngamandla, kodwa indlu kaSawule yaya ngokuya iba ntekenteke. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwakukhona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, kepha uDavide waqhubeka eba namandla ngokuba namandla, nendlu kaSawule yaya ngokuya iba buthaka. |
Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.”
Kwakuyimpi enzima ngalolo suku; u-Abineri wahlulwa kanye nabantu bakwa-Israyeli phambi kwezinceku zikaDavide.
UJowabe wayesebetha icilongo; bonke abantu bema, ababe besamxosha u-Israyeli, futhi ababe besalwa.
“Wangikhulula ezimpini zabantu bami; wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza.
Kwathi kusekhona ukulwa phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, u-Abineri wamela indlu kaSawule ngamandla.
UDavide waqhubeka njalo ngokukhula, ngokuba uJehova uNkulunkulu Sebawoti wayenaye.
Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBahasha inkosi yakwa-Israyeli zonke izinsuku zabo.
Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBahasha inkosi yakwa-Israyeli zonke izinsuku zabo.
Laba babe ngamadodana kaDavide azalelwa wona eHebroni: izibulo ngu-Amnoni ku-Ahinohama umHizreyelikazi; owesibili nguDaniyeli ku-Abigayili umKarmelikazi;
UHamani walandisa uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe konke okumehleleyo. Zase zithi kuye izihlakaniphi zakhe noZereshi umkakhe: “Uma uMoridekayi oqale ukuwa phambi kwakhe engowenzalo yabaJuda, awuyikumahlula, kepha uyakuwa nokuwa phambi kwakhe.”
Ngokuba uMoridekayi wayemkhulu endlini yenkosi, nodumo lwakhe lwahamba ezifundeni zonke, ngokuba lowo muntu uMoridekayi wayelokhu ekhula njalo.
Kepha olungileyo ubambelela endleleni yakhe; onezandla ezihlanzekileyo ude eqina njalo.
Ukuqala kwakho sekuyakuba ngokuncane, nokugcina kwakho kube ngokukhulu kakhulu.
Wangikhulula ezimpini zabantu; wangimisa ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza.
Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.
Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.
ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.
Ngabona, bheka, nanto ihhashi elimhlophe, nohlezi phezu kwalo ephethe umnsalo wanikwa umqhele, waphuma engonqobayo nokuyakunqoba.