UJakobe ezibona wathi: “Lokhu kuyibandla likaNkulunkulu.” Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMahanayimi.*
2 Samuweli 2:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abineri indodana kaNeri induna yempi kaSawule wayethathile u-Ishi Bosheti indodana kaSawule, wamwelisela eMahanayimi, IsiZulu 2020 U-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuzi wempi kaSawule wayesethathe u-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, waya naye eMahanayimi, Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi kaSawule, wathatha u-Ishi Bosheti indodana kaSawule, wamyisa eMahanayimi; |
UJakobe ezibona wathi: “Lokhu kuyibandla likaNkulunkulu.” Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMahanayimi.*
UJakobe wathuma izithunywa phambi kwakhe ku-Esawu umfowabo ezweni laseSeyiri, izwe lakwa-Edomi.
UDavide wayesefika eMahanayimi. U-Abisalomu waliwela iJordani, yena nabo bonke abantu bakwa-Israyeli kanye naye.
U-Abineri nabantu bakhe badabula i-Araba bonke lobo busuku, bawela iJordani, badabula lonke iBitroni, bafika eMahanayimi.
Ngalokho maziqine izandla zenu, nibe nesibindi, ngokuba uSawule inkosi yenu ufile; indlu yakwaJuda ingigcobile ngibe yinkosi yayo.”
Inkosi yathi ezincekwini zayo: “Anazi yini ukuthi kufile umbusi nomuntu omkhulu kwa-Israyeli namuhla na?
Kwathi kusekhona ukulwa phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, u-Abineri wamela indlu kaSawule ngamandla.
Kubantwana bakwaBenjamini, abafowabo bakaSawule, yizinkulungwane ezintathu, ngokuba kuze kube manje imvama yabo yayithembekile endlini kaSawule.
Kubantwana bakwa-Efrayimi yizinkulungwane ezingamashumi amabili namakhulu ayisishiyagalombili, amaqhawe anamandla, abantu abanegama ezindlini zawoyise.
UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala oJonathani, noMaliki Shuwa, no-Abinadaba, no-Eshi Bali.
UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala oJonathani, noMaliki Shuwa, no-Abinadaba, no-Eshi Bali.
Esizweni sakwaGadi: iRamoti kwaGileyadi namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neMahanayimi namadlelo alo,
Igama lomkaSawule lalingu-Ahinohama indodakazi ka-Ahimahazi; igama lenduna yempi yakhe lalingu-Abineri indodana kaNeri uyisekazi kaSawule.
Lapho uSawule embona uDavide ephuma ukuhlangabezana nomFilisti, wathi ku-Abineri induna yempi: “Abineri, yindodana kabani lo mfana na?” U-Abineri wathi: “Kuphila kwakho, nkosi, angazi.”
UDavide wabiza abantu no-Abineri indodana kaNeri, ethi: “Awusabeli, Abineri, na?” U-Abineri wayesesabela ethi: “Ungubani wena obiza inkosi na?”