Ubalekeleni ngasese na? Wanginyenyelelani ungangitshelanga ukuba ngabe ngikuvalelise ngokwenama nangezihlabelelo, ngesigubhu nangehabhu,* na?
2 Samuweli 19:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantu bangena emzini ngalolo suku ngokunyenya njengabantu abanamahloni benyenya, bebalekela impi. IsiZulu 2020 Abantu bangena benyenya emzini ngalolo lusuku kungathi banamahloni, ngoba bebalekela impi. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantu banyenya bangena emzini ngalolo suku njengehlazo abantu bebalekela impi. |
Ubalekeleni ngasese na? Wanginyenyelelani ungangitshelanga ukuba ngabe ngikuvalelise ngokwenama nangezihlabelelo, ngesigubhu nangehabhu,* na?
UDavide wayesefika eMahanayimi. U-Abisalomu waliwela iJordani, yena nabo bonke abantu bakwa-Israyeli kanye naye.
Ukunqoba ngalolo suku kwaphenduka isililo kubantu bonke, ngokuba abantu bezwa kwathiwa ngalolo suku: “Inkosi idabukile ngendodana yayo.”
UBarizilayi wayengumuntu omdala kakhulu, eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; wayekade eyipha inkosi ukudla isahlezi eMahanayimi, ngokuba wayengumuntu omkhulu kakhulu.
Inkosi yamboza ubuso bayo, inkosi yakhala ngezwi elikhulu, yathi: “Hhawu, ndodana yami Abisalomu, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!”