Kwathi emva kwalokho u-Abisalomu indodana kaDavide wayenodadewabo obukekayo ogama lakhe linguTamari; u-Amnoni indodana kaDavide wamthanda.
2 Samuweli 13:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Amnoni wajilajileka waze wagula ngenxa kadadewabo uTamari, ngokuba wayeyintombi; kwakungenakwenzeka emehlweni ka-Amnoni ukwenza lutho kuye. IsiZulu 2020 Lokho kwamhlupha waze wagula ngenxa kadadewabo, uThamari, owayeyintombi, ngakho-ke kwakulukhuni ku-Amnoni ukuba angenza utho kuye. Contemporary Zulu Bible 2024 U-Amnoni wathukuthela waze wagula ngenxa kadadewabo uTamari; ngoba yayiyintombi; kwaba nzima kuye u-Amnoni ukuba amenze utho. |
Kwathi emva kwalokho u-Abisalomu indodana kaDavide wayenodadewabo obukekayo ogama lakhe linguTamari; u-Amnoni indodana kaDavide wamthanda.
Kepha u-Amnoni wayenomngane ogama lakhe linguJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide; uJonadaba wayengumuntu onobuqili kakhulu.
U-Ahabi wangena endlini yakhe ehluneme, ethukuthele ngenxa yezwi abelikhulume kuye uNaboti waseJizreyeli; ngokuba wayeshilo ukuthi: “Angiyikukunika ifa lawobaba.” Walala embhedeni, waphendula ubuso, akadlanga lutho.
Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, uma nimfumana othandiweyo wami, ukuba nimtshele ukuthi ngiyafa uthando.
Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka angezisole ngakho umuntu, kube ngukusindiswa, kepha ukudabuka okuya ngokwezwe kuveza ukufa.