abantu abaseleyo wababeka esandleni sika-Abishayi umfowabo, wabahlela ukuba balwe nabantwana bakwa-Amoni.
2 Samuweli 10:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uJowabe esebona ukuthi izimpondo zempi zimhaqile ngaphambili nangasemuva wakhetha kwabakhethekileyo bakwa-Israyeli, wabahlela ukuba balwe nama-Aramu; IsiZulu 2020 UJowabe wabona ukuthi izimpondo zempi zimzungeze nxazonke, wakhetha amabutho kuwo wonke ayekhethwe kwa-Israyeli, wawathuma ukuba ayokulwa nama-Aramu. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho uJowabe ebona ukuthi impi yayiphambi kwakhe ngaphambili nangasemuva, wakhetha kubo bonke abakhethiweyo bakwa-Israyeli, wabahlela ngokumelene nama-Aramu. |
abantu abaseleyo wababeka esandleni sika-Abishayi umfowabo, wabahlela ukuba balwe nabantwana bakwa-Amoni.
Abantwana bakwa-Amoni baphuma, bahlela impi ngasesikhaleni sesango; ama-Aramu aseSoba naseRehobe, nabantu baseThobi, nabaseMahakha babebodwa endle.
UDavide wamukisa abantu, inxenye yesithathu iphansi kwesandla sikaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika-Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika-Ithayi umGiti. Inkosi yathi kubantu: “Nami ngiyakuphuma nokuphuma nani.”
Lapho uJuda esephenduka, bheka, impi yayingaphambili nangasemva kwabo; bakhala kuJehova, abapristi bakhalisa amacilongo.