“Nina zintaba zaseGilibowa, makungabikho mazolo namvula phezu kwenu, nokugubha kotwa, ngokuba isihlangu samaqhawe santshingwa, isihlangu sikaSawule, singagcotshwanga ngamafutha.
2 Samuweli 1:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Insizwa eyamtshelayo yathi: “Ngithe ngisentabeni yaseGilibowa, bheka, uSawule wencika emkhontweni, kwamjonga kakhulu izinqola nabamahhashi. IsiZulu 2020 Insizwa eyambikelayo yathi: “Ngithe ngisentabeni iGilibhowa, ngaleso sikhathi uSawule wancika emkhontweni, ngokuba izinqola nabamahhashi babemxine kakhulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ijaha elamtshela lathi: “Ngathi ngifika entabeni yaseGilibowa, bheka, uSawule wayeme ngomkhonto wakhe; bheka, izinqola nabamahhashi bamxosha kanzima. |
“Nina zintaba zaseGilibowa, makungabikho mazolo namvula phezu kwenu, nokugubha kotwa, ngokuba isihlangu samaqhawe santshingwa, isihlangu sikaSawule, singagcotshwanga ngamafutha.
UDavide wathi kuleyo nsizwa eyamtshelayo: “Wazi kanjani ukuthi oSawule noJonathani indodana yakhe bafile na?”
Wahamba, waya wakhothoza ensimini emva kwabavuni; kwase kwenzeka ukuba afike esiqeshini sensimu sikaBowazi womndeni ka-Elimeleki.
AmaFilisti abuthana afika, amisa eShunemi; uSawule wabutha wonke u-Israyeli, wamisa eGilibowa.
Anobona, uma yenyuka ngendlela yasemkhawulweni wayo ukuya eBeti Shemeshi, nguye osenzele lobo bubi obukhulu; kepha uma kungenjalo, siyakwazi ukuthi akusiso isandla sakhe esisishayileyo; sehlelwa ingozi nje.”