UDavide wathi kuye: “Uvelaphi na?” Wathi kuye: “Ngibalekile ekamu* lakwa-Israyeli.”
2 Samuweli 1:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide wayesethi kuye: “Bekunjani na? Ake ungitshele.” Wathi: “Abantu babalekile empini, nabantu abaningi bawile, bafa; oSawule noJonathani indodana yakhe bafile nabo.” IsiZulu 2020 UDavide wathi kuyo: “Bekuhamba kanjani? Ake ungitshele.” Yaphendula yathi: “Abantu babalekile empini, futhi abaningi bafile; uSawule noJonathani, indodana yakhe, nabo bafile.” Contemporary Zulu Bible 2024 UDavida wasesithi kuye: Kwenze njani? ngiyakuncenga, ungitshele. Futhi waphendula: Ukuthi abantu babaleka empini, futhi futhi abaningi babantu bawa futhi bafa; noSawule noJonathani indodana yakhe bafa. |
UDavide wathi kuye: “Uvelaphi na?” Wathi kuye: “Ngibalekile ekamu* lakwa-Israyeli.”
UDavide wathi kuleyo nsizwa eyamtshelayo: “Wazi kanjani ukuthi oSawule noJonathani indodana yakhe bafile na?”
umuntu owangitshela ukuthi: ‘Bheka, uSawule ufile,’ ecabanga ukuthi ulethile izindaba ezinhle, ngambamba, ngambulala eSikilagi, ethi ngangiyakumnika umvuzo wezindaba zakhe;
Lowo muntu wathi ku-Eli: “Nginguye owaphuma empini, ngibaleke empini namuhla.” Wathi: “Bekunjani, ndodana yami, na?”