kwathi-ke ngosuku lwesithathu, bheka, kwaphuma umuntu ekamu* likaSawule, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda, wawa phansi ekufikeni kwakhe kuDavide, wakhuleka.
2 Samuweli 1:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide wathi kuye: “Uvelaphi na?” Wathi kuye: “Ngibalekile ekamu* lakwa-Israyeli.” IsiZulu 2020 UDavide wathi kuyo: “Uvela kuphi na?” Yathi kuye: “Ngiphunyuke enkanjini yakwa-Israyeli.” Contemporary Zulu Bible 2024 UDavida wasesithi kuye: Uvela ngaphi? Wathi kuye: “Ngiphunyukile ekamu lika-Israyeli.” |
kwathi-ke ngosuku lwesithathu, bheka, kwaphuma umuntu ekamu* likaSawule, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda, wawa phansi ekufikeni kwakhe kuDavide, wakhuleka.
UDavide wayesethi kuye: “Bekunjani na? Ake ungitshele.” Wathi: “Abantu babalekile empini, nabantu abaningi bawile, bafa; oSawule noJonathani indodana yakhe bafile nabo.”
Kepha yena wangena, wema phambi kwenkosi yakhe. U-Elisha wathi kuye: “Uvelaphi, Gehazi?” Wathi: “Inceku yakho ayiyanga ndawo.”
UDavide wathi kuye: “Ungokabani na? Uvelaphi na?” Wathi: “Ngiyinsizwa yaseGibithe, inceku yomAmaleki, kepha inkosi yami yangishiya, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu ngigula.