UBarizilayi wayengumuntu omdala kakhulu, eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; wayekade eyipha inkosi ukudla isahlezi eMahanayimi, ngokuba wayengumuntu omkhulu kakhulu.
1 Samuweli 9:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwakukhona umuntu wakwaBenjamini ogama lakhe lalinguKishi indodana ka-Abiyeli kaSerori kaBekhorati ka-Afiya, indodana yowakwaBenjamini, iqhawe elinamandla. IsiZulu 2020 Kwakukhona umuntu kwaBhenjamini ogama lakhe kunguKishi, indodana ka-Abhiyeli kaZerori kaBhekhorathi ka-Afiya, indodana yowakwaBhenjamini, iqhawe elinamandla. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwakukhona umuntu wakoBhenjamini ogama lakhe linguKishi, indodana ka-Abiyeli, indodana kaSerori, indodana kaBegorati, indodana ka-Afiya, umBenjamini, iqhawe. |
UBarizilayi wayengumuntu omdala kakhulu, eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; wayekade eyipha inkosi ukudla isahlezi eMahanayimi, ngokuba wayengumuntu omkhulu kakhulu.
Kwakukhona umuntu womJuda eShushani endlini yenkosi ogama lakhe lalinguMoridekayi kaJayire kaShimeyi kaKishi wakwaBenjamini,
Impahla yakhe yayiyizimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa angamakhulu ayisihlanu ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi ezingamakhulu ayisihlanu, nezinceku eziningi kakhulu; wayemkhulu lowo muntu kunabo bonke abantu basempumalanga.
Kusukela lapho bacela inkosi; uNkulunkulu wabanika uSawule indodana kaKisi, umuntu wesizwe sakwaBenjamini, iminyaka engamashumi amane.
Bagijima, bamlanda khona; wema phakathi kwabantu, wayemude kunabo bonke abantu kusukela emahlombe kuya phezulu.
Kwakukhona umuntu eMahoni onemfuyo yakhe eKarmeli; lowo muntu wayemkhulu kakhulu, wayenezimvu eziyizinkulungwane ezintathu nezimbuzi eziyinkulungwane; wayezigunda izimvu zakhe eKarmeli.