UJehova wabangquzula ngaphambi kuka-Israyeli, wabaceka ngokuceka okukhulu ngaseGibeyoni, wabaxosha ngendlela ekhuphukela eBeti Horoni, wababulala kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.
1 Samuweli 7:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantu bakwa-Israyeli baphuma eMispa, bawaxosha amaFilisti, bawabulala, baze bafika ngaphansi eBeti Kari. IsiZulu 2020 Amadoda akwa-Israyeli aphuma eMizpha awaxosha amaFilisti, awabulala kwaze kwaba seBhethi Khari. Contemporary Zulu Bible 2024 Amadoda akwa-Israyeli aphuma eMispa, awaxosha amaFilisti, awabulala, aze afika phansi kweBeti Kari. |
UJehova wabangquzula ngaphambi kuka-Israyeli, wabaceka ngokuceka okukhulu ngaseGibeyoni, wabaxosha ngendlela ekhuphukela eBeti Horoni, wababulala kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.
USamuweli esanikela ngomnikelo wokushiswa, amaFilisti asondela ukulwa no-Israyeli; kepha uJehova waduma ngokuduma okukhulu phezu kwamaFilisti ngalolo suku, wawangquzula, abulawa phambi kuka-Israyeli.
USamuweli wathatha itshe, walimisa phakathi kweMispa neSheni, waqamba igama lalo ngokuthi i-Ebeni Ezeri, ethi: “Kuze kube manje uJehova usisizile.”