Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




1 Samuweli 5:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kepha isandla sikaJehova sasinzima phezu kwabase-Ashidodi, wabachitha, wababulala ngamathumba, i-Ashidodi nemikhawulo yalo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Isandla sikaSimakade saba nzima phezu kwabase-Ashidodi, wabashaya, wababhubhisa ngamathumba, i-Ashidodi nezifunda zayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kepha isandla sikaJehova saba nzima phezu kwabo kwase-Ashidodi, wabachitha, wababulala ngenkemba, i-Ashidodi nemikhawulo yalo.

Uka jalj uñjjattʼäta



1 Samuweli 5:6
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inala ayiyukwaziwa ezweni ngenxa yendlala elandelayo, ngokuba iyakuba nzima kakhulu.


Akusikho ukubhubha kwabangalungile nengozi kwabenza okubi na?


UJehova uyalondoloza bonke abamthandayo, kepha ababi bonke uyakubabhubhisa.


UJehova uyaphakamisa abathobekileyo; ababi uyabawisa phansi emhlabathini.


Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami, uloya lwami loma njengokomisa kwehlobo. Sela*


yazishayela emuva izitha zayo, yazithela ngehlazo eliphakade.


bheka, isandla sikaJehova siyakuba phezu kwemfuyo yakho esendle, naphezu kwamahhashi, naphezu kwezimbongolo, naphezu kwamakamela, naphezu kwezinkomo, naphezu kwezimvu, silethe isifo esinzima kakhulu.


Bheka, isandla seNkosi siphezu kwakho manje. Uzakuba yimpumputhe, kube yisikhathi ungaliboni ilanga.” Kwase kumfikela khona lapho ukufiphala nobumnyama, wahamba efuna abazakumhola ngesandla.


UJehova uyakukushaya ngamathumba aseGibithe, nangamaqhubu, nangomuna, nangokhwekhwe ongenakuphulukiswa kukho.


Bathuma babutha onke amakhosi amaFilisti, bathi: “Wususeni umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ubuyele endlini yawo, ukuba ungasibulali thina nabantu bakithi,” ngokuba kwakukhona ukungquzuka okokufa emzini wonke; isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu khona.


Abantu base-Ashidodi sebebona ukuthi kunjalo bathi: “Umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli awuyikuhlala kithi, ngokuba isandla sakhe silukhuni phezu kwethu naphezu kukaDagoni unkulunkulu wethu.”


Kwathi sebewususele khona, isandla sikaJehova sasiphezu kwalowo muzi ngokungquzula okukhulu, wabulala abantu bomuzi abancane nabakhulu; kwaqhamuka amathumba kubo.