kwathi-ke ngosuku lwesithathu, bheka, kwaphuma umuntu ekamu* likaSawule, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda, wawa phansi ekufikeni kwakhe kuDavide, wakhuleka.
1 Samuweli 4:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwaphuma umuntu wakwaBenjamini empini, wagijima waya eShilo ngalolo suku, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda. IsiZulu 2020 Ngalolo lusuku umuntu othile wakwaBhenjamini waphulukundlela empini. Wagijima waya eShilo, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda lakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwasekugijima indoda yakoBhenjamini ivela empini, yafika eShilo ngalolosuku igqoke izembatho eziklebhukile, inothuli ekhanda layo. |
kwathi-ke ngosuku lwesithathu, bheka, kwaphuma umuntu ekamu* likaSawule, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda, wawa phansi ekufikeni kwakhe kuDavide, wakhuleka.
UTamari wayesezithela ngomlotha ekhanda, wayiklebhula ingubo yakhe enemibala owayeyigqokile, wathwala izandla ekhanda, wamuka, ehamba ekliwula.
Kwathi ukuba uDavide adundubale esiqongweni, lapho kukhulekwa khona kuNkulunkulu, bheka, kwamhlangabeza uHushayi umArki, ibhantshi lakhe liklebhukile, enomhlabathi ekhanda lakhe.
Ngosuku lwamashumi amabili nane lwaleyo nyanga abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bazila ukudla benezindwangu zamasaka nothuli phezu kwabo.
Lapho bephakamisa amehlo abo besekude, abamazanga; badazuluka bakhala, baklebhula, kwaba yilowo nalowo ingubo yakhe, bafafaza amakhanda abo ngothuli beluphonsa phezulu.
ngiyakwenza le ndlu ibe njengeShilo, nalo muzi ngiyakuwenza ube yisiqalekiso ezizweni zonke zomhlaba.’ ”
bezwakalise izwi labo phezu kwakho, bakhale ngomunyu, bathele uthuli emakhanda abo, bahuquzele emlotheni,
UJoshuwa waziklebhula izingubo zakhe, wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa, yena namalunga akwa-Israyeli; bathela uthuli emakhanda abo.