Kwathi u-Isaka esemdala namehlo akhe efiphele engasaboni, wabiza u-Esawu indodana yakhe enkulu, wathi kuye: “Ndodana yami!” Wathi kuye: “Ngilapha.”
1 Samuweli 3:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi ngaleso sikhathi u-Eli elele endaweni yakhe – amehlo akhe ayeqale ukufiphala waze wangaba nakho ukubona – IsiZulu 2020 Kwathi ngolunye usuku u-Eli elele endaweni yakhe namehlo akhe eseqala ukufiphala engasaboni kahle, Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi ngaleso sikhathi u-Eli elele endaweni yakhe, namehlo akhe eqala ukuqundeka ukuba angaboni; |
Kwathi u-Isaka esemdala namehlo akhe efiphele engasaboni, wabiza u-Esawu indodana yakhe enkulu, wathi kuye: “Ndodana yami!” Wathi kuye: “Ngilapha.”
Kepha amehlo ka-Israyeli ayefiphele ngobudala, engasenakubona; wawasondeza kuye; wawanga, wawagona.
Kepha uyise wala, wathi: “Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi; naye uyakuba yisizwe, abe mkhulu naye; kodwa umfowabo uyakuba mkhulu kunaye, inzalo yakhe ibe yizizwe eziningi.”
UmkaJerobowamu wenze njalo; wasuka, waya eShilo, wafika endlini ka-Ahiya. U-Ahiya wayengenakubona, ngokuba amehlo akhe ayequndekile ngenxa yobudala bakhe.
Izinsuku zeminyaka yethu zineminyaka engamashumi ayisikhombisa; kuthi uma ziziningi, zineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; nokho ukuvama kwazo kungukuhlupheka nelize, ngokuba zidlula masinyane, thina siyandiza, simuke.
ngalolo suku lapho abalindi bendlu beyakuthuthumela, amadoda anamandla agobe, abasilikazi bayeke ngokuba beyingcosana, abalunguza emafasiteleni bafiphazelwe,
U-Eli wayesemdala kakhulu, wezwa konke amadodana akhe akwenzayo ku-Israyeli wonke, nokuthi ayelala nabesifazane ababekhonza ngasemnyango wetende lokuhlangana.
U-Eli wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili; amehlo akhe ayequndekile, engenakubona.