U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa, wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.
1 Samuweli 26:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide wasuka, weza endaweni uSawule amise kuyo; uDavide wabona indawo uSawule ahlala kuyo, eno-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakhe; uSawule wayelele ezinqoleni, abantu bemise ngakuye nxazonke. IsiZulu 2020 UDavide wasuka, waya lapho kwakukanise khona uSawule; wayibona indawo lapho uSawule ayehleli khona no-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuziwempi yakhe. USawule wayelele enkanjini, abantu bemngunge nxazonke. Contemporary Zulu Bible 2024 UDavide wayesesuka, waya endaweni uSawule ekanise kuyo; uDavide wayibona indawo lapho uSawule elele khona no-Abineri indodana kaNeri, induna yempi; uSawule wayelele emgodini, abantu bamisa nxazonke zakhe. |
U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa, wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.
UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala oJonathani, noMaliki Shuwa, no-Abinadaba, no-Eshi Bali.
UDavide wavuka ekuseni kakhulu, washiya izimvu kumlindi, wathatha, wahamba, njengalokho uJese amyale ngakho; wafika enqabeni yezinqola, impi isaphuma ukuyakuhlelwa, yahlaba umkhosi.
Lapho uSawule embona uDavide ephuma ukuhlangabezana nomFilisti, wathi ku-Abineri induna yempi: “Abineri, yindodana kabani lo mfana na?” U-Abineri wathi: “Kuphila kwakho, nkosi, angazi.”
Kwakukhona umuntu wakwaBenjamini ogama lakhe lalinguKishi indodana ka-Abiyeli kaSerori kaBekhorati ka-Afiya, indodana yowakwaBenjamini, iqhawe elinamandla.