Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




1 Samuweli 26:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UDavide wasuka, weza endaweni uSawule amise kuyo; uDavide wabona indawo uSawule ahlala kuyo, eno-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakhe; uSawule wayelele ezinqoleni, abantu bemise ngakuye nxazonke.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

UDavide wasuka, waya lapho kwakukanise khona uSawule; wayibona indawo lapho uSawule ayehleli khona no-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuziwempi yakhe. USawule wayelele enkanjini, abantu bemngunge nxazonke.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UDavide wayesesuka, waya endaweni uSawule ekanise kuyo; uDavide wayibona indawo lapho uSawule elele khona no-Abineri indodana kaNeri, induna yempi; uSawule wayelele emgodini, abantu bamisa nxazonke zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta



1 Samuweli 26:5
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa, wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.


UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala oJonathani, noMaliki Shuwa, no-Abinadaba, no-Eshi Bali.


UDavide wavuka ekuseni kakhulu, washiya izimvu kumlindi, wathatha, wahamba, njengalokho uJese amyale ngakho; wafika enqabeni yezinqola, impi isaphuma ukuyakuhlelwa, yahlaba umkhosi.


Lapho uSawule embona uDavide ephuma ukuhlangabezana nomFilisti, wathi ku-Abineri induna yempi: “Abineri, yindodana kabani lo mfana na?” U-Abineri wathi: “Kuphila kwakho, nkosi, angazi.”


UDavide wayesethuma izinhloli, wazi ukuthi uSawule ufikile impela.


Kwakukhona umuntu wakwaBenjamini ogama lakhe lalinguKishi indodana ka-Abiyeli kaSerori kaBekhorati ka-Afiya, indodana yowakwaBenjamini, iqhawe elinamandla.