Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna ekuseni; umphefumulo wami womele wena; inyama yami ilangazelela wena ezweni elomileyo eligagadekileyo, lapho amanzi engekho khona.
1 Samuweli 26:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE USawule wamisa entabeni yaseHakhila engaphambi kwehlane ngasendleleni. Kepha uDavide wahlala ehlane, wabona ukuthi uSawule uyamlandela ehlane. IsiZulu 2020 USawule wakanisa entabeni iHakhila engaphambi kwehlane, ngasendleleni. UDavide wahlala ehlane, nokho wabona ukuthi uSawule uyamlandela lapho ehlane. Contemporary Zulu Bible 2024 USawuli wamisa inkamba entabeni yeHagila ephambi kweJesimoni ngasendleleni. Kepha uDavide wahlala ehlane, wabona ukuthi uSawule uyamlandela ehlane. |
Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna ekuseni; umphefumulo wami womele wena; inyama yami ilangazelela wena ezweni elomileyo eligagadekileyo, lapho amanzi engekho khona.
UDavide wabona ukuthi uSawule uphumele ukufuna ukuphila kwakhe; uDavide wayesehlane laseZifi eHoreshi.
Kwase kwenyuka abaseZifi, baya kuSawule eGibeya, bathi: “UDavide akacashi yini kithi ezinqabeni zaseHoreshi entabeni yaseHakhila elingaseningizimu kwasehlane na?
Wafika ezibayeni zezimvu ngasendleleni, lapho kukhona umhume; uSawule wangena khona ukuba embese izinyawo zakhe. UDavide nabantu bakhe babehlezi emuva emhumeni.
AbaseZifi beza kuSawule eGibeya, bathi: “UDavide akacashi yini entabeni yaseHakhila engaphambi kwehlane na?”