Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




1 Samuweli 26:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UDavide wayesethatha umkhonto nesigubhu samanzi ngasekhanda likaSawule, bahamba, kungaboni muntu, kungazi muntu, kungavuki muntu, ngokuba babelele bonke, lokhu bebehlelwe ngubuthongo obunzima obuvela kuJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

UDavide wayesewuthatha umkhonto nesigubhu samanzi ngasekhanda likaSawule, bahamba. Ababonwanga muntu, akekho owayazi ngalokho, futhi akuvukanga muntu, ngokuba bonke babezunywe ngubuthongo obunzulu obabuvela kuSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UDavide wathatha umkhonto nesiphambano samanzi emgodleni kaSawule; basuka, akwabona muntu, nokwaziyo, nokwavuka; ngoba bonke balala; ngoba ubuthongo obunzima bukaJehova behlela phezu kwabo.

Uka jalj uñjjattʼäta



1 Samuweli 26:12
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi ngokushona kwelanga ubuthongo obunzima bamehlela u-Abrama; bheka, washaywa luvalo lobumnyama obukhulu.


UJehova uNkulunkulu wamehlisela umuntu ubuthongo obunzima, walala; wayesethatha olunye lwezimbambo zakhe, wavala indawo ngenyama.


Ngalobo busuku ubuthongo babaleka enkosini, yayala ukuba kulethwe incwadi yezikhumbuzo zezindaba zemihla ngemihla, zafundwa phambi kwenkosi.


Ngokuba uJehova uthulule phezu kwenu umoya wobuthongo obunzima; uwavalile amehlo enu, usibekele abaprofethi benu nezinhloko zenu ababoni.


Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, nantu usuku uJehova asho ngalo kuwe ukuthi: ‘Bheka, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze kuso okuhle emehlweni akho.’ ” Wayesesuka uDavide, wasika ngasese umphetho wengubo kaSawule.


UDavide wayesewelela phesheya, wema esiqongweni sentaba ekude, isikhala esikhulu siphakathi kwabo.


ODavide no-Abishayi bafika kubantu ebusuku; bheka, uSawule wayelele ubuthongo ezinqoleni, umkhonto wakhe ugxunyekiwe emhlabathini ngasekhanda lakhe; u-Abineri nabantu bakhe babelele ngakuye nxazonke.