1 Samuweli 22:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDowegi wakwa-Edomi owayemi ngakuzo izinceku zikaSawule waphendula wathi: “Ngabona indodana kaJese iza eNobi ku-Ahimeleki indodana ka-Ahithubi. IsiZulu 2020 UDowegi wakwa-Edomi owayemi nezinceku zikaSawule waphendula, wathi: “Ngayibona indodana kaJese ifika eNobhi ku-Ahimelekhi, indodana ka-Ahithubi. Contemporary Zulu Bible 2024 Wayesephendula uDowegi wakwaEdomi owayemiswe phezu kwezinceku zikaSawule, wathi: “Ngabona indodana kaJese iza eNobi ku-Ahimeleki indodana ka-Ahithubi. |
Namhla nje liyema ngaseNobi, linikinele isandla salo intaba yendodakazi yaseSiyoni, intaba yaseJerusalema.
Abantu abahlebayo babekuwe ukuchitha igazi, badla kuwe ezintabeni, benza ubufebe phakathi kwakho.
u-Ahiya indodana ka-Ahithubi, umfowabo ka-Ikabodi indodana kaFinehasi ka-Eli, umpristi kaJehova eShilo, wayembethe ingubo yamahlombe. Abantu babengazi ukuthi uJonathani uhambile.