Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




1 Samuweli 21:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UDavide wathi ku-Ahimeleki umpristi: “Inkosi ingiyalezile udaba, yathi kimi: ‘Makungazi muntu ngalolu daba engikuthuma ngalo nengikuyale ngalo.’ Izinsizwa zami ngizazisile indawo ethile.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

UDavide wathi ku-Ahimelekhi, umphristi: “Inkosi ingithume udaba olubucayi, yangidonsa ngendlebe yathi: ‘Makungabi bikho muntu ozwa ngalolu daba engikuthume lona.’ Izinsizwa zami zingilinde ndawana thizeni.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UDavide wayesethi ku-Ahimeleki umpristi: “Inkosi yangiyala indaba, yathi kimi: ‘Makungabikho muntu owaziyo ngale ndaba engikuthuma kuyo nokuthi ngiyakuyala ngakho; futhi ngamisa izinceku zami endaweni yokuthi nokuthi.

Uka jalj uñjjattʼäta



1 Samuweli 21:2
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Isaka wathi kuyo indodana yakhe: “Kwenzeke kanjani ukuba usheshe kangaka ukuyithola, ndodana yami, na?” Wathi: “Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyenze ukuba ize phambi kwami.”


Kepha wayesethi: “Uyindodana yami u-Esawu uqobo na?” Wathi: “Nginguye.”


Wayesethi kuye: “Nami ngingumprofethi njengawe; kwakhuluma kimi ingelosi ngezwi likaJehova ngokuthi: ‘Mbuyise, uye naye endlini yakho ukuba athole ukudla, aphuze amanzi.’ ” Kodwa waqamba amanga kuye.


nase-Anathoti, naseNobi, nase-Ananiya,


Susa kimi indlela yamanga, ungiphe ngomusa umthetho wakho.


Jehova, bekela umlomo wami umlindi, ugcine umnyango wezindebe zami.


Namhla nje liyema ngaseNobi, linikinele isandla salo intaba yendodakazi yaseSiyoni, intaba yaseJerusalema.


Ngokuba bengakafiki abanye ababevela kuJakobe, wayedla nabezizwe; kepha kuthe ukuba kufike bona, wamonyuka, wazahlukanisa nabo, esaba abokusoka.


ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe,


USawule wathi kuMikhali: “Ungikhohliseleni kanje, uvumele isitha sami ukuba sihambe, siphunyuke, na?” UMikhali wamphendula uSawule ngokuthi: “Wathi kimi: ‘Ngivumele ukuba ngihambe; ngiyakukubulalelani na?’ ”


Manje kuyini okuphansi kwesandla sakho na? Nginike esandleni sami izinkwa eziyisihlanu noma kuyini okukhona.”


UDavide wathi ku-Abiyathara: “Ngazi ngalolo suku mhla uDowegi wakwa-Edomi elapho ukuthi uyakumtshela nokumtshela uSawule; yimi engibangele ukuba bafe abantu bonke bendlu kayihlo.


UDowegi wakwa-Edomi owayemi ngakuzo izinceku zikaSawule waphendula wathi: “Ngabona indodana kaJese iza eNobi ku-Ahimeleki indodana ka-Ahithubi.