1 Samuweli 21:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide wayeseya eNobi ku-Ahimeleki umpristi; u-Ahimeleki waya ukumhlangabeza uDavide ethuthumela, wathi kuye: “Yini ukuba uwedwa, kungekho muntu nawe, na?” IsiZulu 2020 UDavide wayeseya eNobhi ku-Ahimelekhi, umphristi. U-Ahimelekhi wamhlangabeza uDavide ethuthumela, wathi kuye: “Kungani uhamba wedwa, ungakhashwa muntu na?” Contemporary Zulu Bible 2024 UDavide wayeseya ku-Ahimeleki umpristi eNobi; u-Ahimeleki wesaba phambi kukaDavide, wathi kuye: “Yini ukuba uwedwa, kungekho muntu nawe? |
Namhla nje liyema ngaseNobi, linikinele isandla salo intaba yendodakazi yaseSiyoni, intaba yaseJerusalema.
ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu enkathini ka-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wanika nababe naye, na?”
u-Ahiya indodana ka-Ahithubi, umfowabo ka-Ikabodi indodana kaFinehasi ka-Eli, umpristi kaJehova eShilo, wayembethe ingubo yamahlombe. Abantu babengazi ukuthi uJonathani uhambile.
USamuweli wenza lokho akushoyo uJehova, waya eBetlehema. Amalunga omuzi amhlangabeza ethuthumela, athi: “Ukufika kwakho kunokuthula na?”
Benza isivumelwano bobabili phambi kukaJehova; uDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe.