Kepha ababusi bokuqala ababe phambi kwami babebathwesile abantu, bathatha kubo isinkwa newayini kanye namashekeli* angamashumi amane esiliva; nezinceku zachachaza phezu kwabantu; kepha mina angenzanga kanjalo ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.
1 Samuweli 2:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma lowo muntu wathi kuye: “Bayakushisa nokushisa amanoni kuqala, besewuthatha njengokuthanda kwakho,” yathi: “Hhayi, woyiletha manje; uma ungayilethi, ngiyakuyithatha ngamandla.” IsiZulu 2020 Uma lowo muntu ethe kuyo: “Impela mabashise kuqala amanoni, andukuba uthathe inyama ngokuthanda kwakho,” yathi: “Hhayi, ilethe manje, uma ungayilethi ngizozithathela ngenkani.” Contemporary Zulu Bible 2024 Uma umuntu ethi kuye: “Mabangashisi amanoni ngalesi sikhathi, bese uthatha njengokufisa komphefumulo wakho; wayesemphendula wathi: Cha; kodwa kufanele unginike yona manje; uma kungenjalo, ngiyakuyithatha ngamandla. |
Kepha ababusi bokuqala ababe phambi kwami babebathwesile abantu, bathatha kubo isinkwa newayini kanye namashekeli* angamashumi amane esiliva; nezinceku zachachaza phezu kwabantu; kepha mina angenzanga kanjalo ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.
Umpristi uyakukushisa e-altare; kungukudla komnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi; onke amanoni angakaJehova.
Usho kanje uJehova: “Ngabaprofethi abadukisa abantu bami, abathi, bese nakho okokuhlafuna ngamazinyo abo, bamemeze bathi: ‘Ukuthula,’ nongabeki lutho emlonyeni wabo bamlungisele ukulwa.
Abantwana bakwaDani base bethi kuye: “Izwi lakho malingezwakali phakathi kwethu, funa abantu bathukuthele, banehlele, ulahlekelwe ngukuphila kwakho kanye nabendlu yakho.”
Yebo, bengakashisi amanoni, yafika inceku yompristi, yathi kumuntu ohlabayo: “Letha inyama yokoselwa umpristi, ngokuba akayikuthatha kuwe inyama ephekiweyo kepha eluhlaza.”
Isono sezinsizwa sasisikhulu kakhulu phambi kukaJehova, ngokuba abantu bawudelela umnikelo kaJehova.