Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




1 Samuweli 2:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Uma lowo muntu wathi kuye: “Bayakushisa nokushisa amanoni kuqala, besewuthatha njengokuthanda kwakho,” yathi: “Hhayi, woyiletha manje; uma ungayilethi, ngiyakuyithatha ngamandla.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Uma lowo muntu ethe kuyo: “Impela mabashise kuqala amanoni, andukuba uthathe inyama ngokuthanda kwakho,” yathi: “Hhayi, ilethe manje, uma ungayilethi ngizozithathela ngenkani.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Uma umuntu ethi kuye: “Mabangashisi amanoni ngalesi sikhathi, bese uthatha njengokufisa komphefumulo wakho; wayesemphendula wathi: Cha; kodwa kufanele unginike yona manje; uma kungenjalo, ngiyakuyithatha ngamandla.

Uka jalj uñjjattʼäta



1 Samuweli 2:16
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha ababusi bokuqala ababe phambi kwami babebathwesile abantu, bathatha kubo isinkwa newayini kanye namashekeli* angamashumi amane esiliva; nezinceku zachachaza phezu kwabantu; kepha mina angenzanga kanjalo ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Umpristi uyakukushisa e-altare; kungukudla komnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi; onke amanoni angakaJehova.


Usho kanje uJehova: “Ngabaprofethi abadukisa abantu bami, abathi, bese nakho okokuhlafuna ngamazinyo abo, bamemeze bathi: ‘Ukuthula,’ nongabeki lutho emlonyeni wabo bamlungisele ukulwa.


Abantwana bakwaDani base bethi kuye: “Izwi lakho malingezwakali phakathi kwethu, funa abantu bathukuthele, banehlele, ulahlekelwe ngukuphila kwakho kanye nabendlu yakho.”


Yebo, bengakashisi amanoni, yafika inceku yompristi, yathi kumuntu ohlabayo: “Letha inyama yokoselwa umpristi, ngokuba akayikuthatha kuwe inyama ephekiweyo kepha eluhlaza.”


Isono sezinsizwa sasisikhulu kakhulu phambi kukaJehova, ngokuba abantu bawudelela umnikelo kaJehova.